Ngomgqibelo, uMadala Kunene wayedlala isigingci nesitweletwele sakhe emkhosini obizwa ngokuthi yiFolklore Festival, owa ubanjwe eConstitution Hill, eWomen’s Jail. Ugubha iminyaka engama shumamantathu enkululeko, kwakuwusuku lwezizukulwane zalelizwe, kugcwele yonke iminhlobo yemindeni. Eminye yayingajwayelekile, eminye eyendabuko, eminye midala, eminye mincane, eminye inemithunzi eminingi. Yonke ihlanganiswa yilelizwe lethu elihluphayo. Elilashwa ngomculo. Ngabantu abafana noMadala Kunene. Abadlala iziginci kube engathi zisuka kude emandulo!
Thembeka Heidi Sincuba: Sicela usitshel’ ukuthi umculo wawuqala kanjani.
Madala Kunene: iBiography yami ikhona kodwa ke sengingathi nje qaphu qaphu. Kushuthi umculo wauvele usukekhaya. Ubaba wayedlal’ iguitar. Kushuthike ngaloku ngihalake. Ngathi “ngokhula nami ngidlal’ iguitar.” Ngagcina sengizakhel’ eyamike.
THS: Wazenzela wena?
MK: Esam’ is’ ginc’ ngasakha ngeplangwe, ngathath’ igalani leli lamafutha elingasekho namhlanje. Ngathatha intambo. Intambo zok’faka lapho, sengisakhile. Kwakuyilezi zokudoba ofishi. Ngayifaka. Ngashay’pikili laph’ ezintathu. Ngafaka leziy’ntambo. Aw’ is’ginci sam’ saba nentambo.
THS: Manje akekh’ umumnt’ owak’fundis’ ukuthi yenza kanje?
MK: Cha! Ngazenzela nje. Angithi kukhona phela abadala kunathi. Abazakhay’yginci. Zona lezi engikhuluma ngazo. Nami ngikopela k’bona. Uk’funda kwam’ uk’buka nje komunye omdala odlayayo sona lesis’ginci. Ehe, ngifunda kanjalo. Uk’funda kwam’ kanjaloke ng’qhubekake ngagcina ngihlangana negroup. Igroup yethu yayibizwa ngaManikapeni.
THS: Manje njengoba nidlala nje, niy’thsel’ukuthi nizowenzani ngalegroup?
MK: Hayi! Ses’yaphefoma!
THS: Hawu! Niphefoma kuphi?
MK: Khonindaw’ ek’thiwa yiseMkhumbane. Uyayaz’ leyondawo?
THS: Ang’yazi.
MK: Bathi yi Cato Manor. La eDebhen. uMkhumbane umataniswa nabo Sophiatown, nabo Cape Town eDistrict Six. Yinto enjalo. Sas’dlala ke, sirawunda khona eMkhumbane ngoba uMkhumbane wawumkhulu ngalendlel’ yokuthi kwathi mawubhidlizwa, abantu baya KwaMashu abanye baya eMlazi, uyawubon’ uMlazi, uyawubon’ uMashu?
THS: Yebo, ngiyawubona!
MK: Sas’hamba kanjaloke, sihambe yonke lendawo. Hayike laphoke sobuya nenqwaba yozuko nosheleni. Sibe nemali siyiyngane. Lapho sesila konine years. Cabanga nje saba notheni nje. Ngoba sas’ lingana. Sas’qondana. Siyenzansi ebeachfront. Haaaawu! Abelungu bephosiy’mali yay’suka phezulu, yehle ik’shayekhanda udansa.
THS: Hehehe! Ik’shayekhanda?!
MK: Ehe! Ngoba phel’ angith’ manje, bay’phosela phantsi basemawindeni. Iza laphantsi ik’shayekhand’ awuy’bon’ nokuy’bona. Ithi qhwa! Kant’ ingoko. Uyayaz’ ingog’ ukuthi kwakuyimalini?
THS: Ang’yazi.
MK: Hayi ingogo kwakuyi 25 cent ohlangene ngesisho sanamhlanje.
THS: Kush’ukuthi kwakuyimal’ enkulu ngalesos’khathi?
MK: Hawu! Make wathol’ ingogo, wathol’ ufagolweni! Ufagolweni yis’hlanu. Yazi zaz’ namagam’ amnandi kanjani. Hawu! Hawu! Kwathike ngo1960, kwasek’fike lemali enikhule ikhona nina amasenti. O20cent. One randi. Two randi. Thin’ u two rand as’wazi thina saz’ ukuthi uone pound. Upondo. Imali yamangisi. Athi ma ehamba Ay’thath’ imali yawo. Ashiy’ amabhunu. Amabhunu aseqhamuka nesenti. Imali yabo yancance kanti le eyamangisi yayinkulu. Muneshuminje, u one pound lo kush’ ukuthi oshelen’ abazophuma la ngeke babe hu 10 bazoba hu 12. Manjeke thinake […] mas’tholake imali esuka kusheleni eya kuthu bhobho kuya phezulu, hawu! Sazikahl’ ukuthi sinemalı! Yayining’ kabi nje leyo! Hawuke sawadlalake lamanikapeni ke! Hawu kwaze kwafikis’khathike 1959. Kuthi sisuswe manjeke eMkhumbane sesyaphi? — KwaMashu ke.
THS: Nisuselwani?
MK: Kushukuthike nkosazana, kwasuka, eish, nges’lungu bath’ amariots. Kwasuk’impi. Enkulu kabi. Eyasuka kubantu belwa nohulumeni. Ngoba manje inteyenzeka uhulumeni angithi wayethe ngo ’56, oma bonk’ abathathe amaID. Bath’ oma, ngeke! Ngeke! Ngeke s’wathathe lamaID. Kodwa phela manje makuthike amabhunu ngob’ iwon’ aphethe, kuzogcina wona. Hawu! Balwa, bathi bayalwa! Hawu! Kwangalunga. Bathathw’omama baba namaID ke. Nam’ ngiyay’bon’ekagogo, niyay’bon’ ekama. Baqalukuba namaID ngo1956. Ngo ’59, haai bathike ses’ namaID, ses’ celakemanje ukungena la okuthiwa asingeni khona. Kungen’ amadoda odwa. Laphoke nkosazana ngikhuluma ngendawo lakuphuzwa khonake. Yabantu be’slisa. Utshwala besiZulu. Kwak’thiwa yiseMaqeni. Yigama lakhona kodwa amagama akhona ahlukile. YiseMaqeni, yikaLihoho, amagam’ akhona lawo. Yinto efana njengase hostela nje. Ukuth’ amakhos’kaz’ awangeni. Kungen’ amadoda kuphela. Hay’ amakhos’kaz’ asethike wena hulumeni, ses’ namaID, ses’yophuza nabantu bes’lisake thina manjeke, nabantu bethu. Ayi bafikake la! La bafunuk’ngena khona kunamaphoyisa la esangweni. Amadoda nanka la ephuza khona. Ayabonakala nje amadoda athi “yeyei we maphoyisa! Nab’ abafazi bethu! Sizophuza nabo! Badedeleni!” Amaphoyisa ayebizwa ngama Blackjack. Athi “Akangeni unkosikazi. La yindawo yamadoda.” Babashayekhanda ngoba babon’ ukuthi cha banenkani. Bathi qhwa emehlweni. Kwaphumigazi. Amadoda aphuzayo athi “Ha! Unkosikazi uyashaywa yini kanje?” Athathiy’nduku zawo la eceleni awu babeqonda ngqo kuw’ amaphoyisa lawo. Awu babashaya amaphoyisa! Kanti lababadayis’ utshwala ngaphakathi bashayucingo endaweni yamaphoyis’ eSalvation. La kwak’ hlangene khona yonk’ inhlobo yamaphoyisa. Sabona sekuzanje iy’moto ey’landelayo. Kuthiwa nje “Yeyeni!”. Athi nje efike lama Blackjack zaphuma zonk’ intsizwa zabahlangabeza. Hayi akuliwanga lapho! Ababashayanga! Bahluleka. Angithi mabeza lana nje beza bapheth’ ama donkey pick. Lento ephathw’amaphoyisa. Uyayaz’ leyonto nkosazana?
THS: Angathi ngiyayazi … kub’ engath’ yinduku nje?
MK: Ehe engath’ yinduku. Kuna lokhu okufishanyane. Maje iy’nsizwa zipheth’ iynduku zangempela. Hawu babashayake! Bahluleka! […] Babonukuthi siyafa la. Ay’ngangathi. […] Iyonak’ into eyenz’ ukuthi sisuswe eMkhumbane siye KwaMashu. […] Ngalesos’khathi ngang’ no13.
THS: Is’ginci sakho sok’qala was’thola kanjani?
MK: Ngas’thola ngo ‘65. eMalombo Jazz. e Kuiltfontein. Ngath’ umang’ phuma ngenhlanhla nje anagz’ kwakwenze njani lobaba wayeqhamukaphi, what “ Yeyi wena mfana!” Ngathi, “Yebo baba.” wath’, “Ngidayis’ is’ginci la. Lesengis’ phethe. Siwu 5 bhobho.” Ngthi min’ angith’ manje ng’nemal’ yok’gibela. Kodwa ng’yas’thanda les’ginci.: Wath’, “Yimalini onayo?” Ngath’ wona lo 5 bhobho owufunayo.” Wath’ “Letha la! Ngizok’nikeza usheleni. Ukwaz’ uk’gibela.” Ngamnikez’ u 5 bhobho ngas’thath’ is’ginci. Wath’ “Was’bonaph’ is’ginci sa 5 bhobho? Ak’kho shelen’ engak’nikeza wona.” Wahamba. Ngabuyela lakade ngiyobona khona umusic. Awu! Ngaba nenhlanhl’ enkulu kabi. Ngales’khathi silalel’ umusic, ngakwazi ukukhuluma nomunt’ engangim’thanda kakhulu uMabi Gabriel Thobejane. Wayedlala neMalombo, edlala noPhillip Tabane. Hayi ngabuyel’ emumva wanginika R1. Naba bephuma ngebhasi. Hawu! Ngithi ngith’ isandla ngithi mina “Awung’ shiye nemali mfowethu!” Ngikhulume kanjalo. Kant’ uyangizwa vele. Avel’ ewindini. Amanathi yeyi irandi cabangank’ al’phosayo elephepha phela. Liphephuke ngilijahe lize liyongena ngaphakathi efemeni ley’moto ezicish’ umlilo. Liphephuke ngal’ esangweini. Ngifik’ esangweni sengith’ “awu baba beng’ cel’ uk’thatha nay’ imal’ yam’ iphephukile.” Athi, “Iphepuhka nje ibisukaphi?: Ngim’chazisele, ngim’chazisele. Avan’ athi, “hayi, ngizohamba nawe.” Ehambe nam’ ngempela. Ngithi, “Nansi la.” Athi, “Yey’ uqin’sile ngempela,” athi, “Hayi kulungile.” Ngihambe. Ngiphethe nes’ginci lapho. Ang’sajabuli! Ngayo gibelebhasini. Awu! Ngafik’ ekhaya! Awu. Sengines’ginci es’khulu. Kwasuka laphok’ ukuthi nje manje um’ntakwazi nje nokubizwa nasemshadweni, sibizwe ey’tok’feleni, awu, kwasukalapho. Kuloku nje kusuka lapho kuze kube yinamhlanje ngidlala les’ginci.
Ekuqaleni edlala emicimbini yasemakhaya ukuze athole ukudla, wagcina esekhwela phezulu futhi waqala ukuhola imali ngo-1973 lapho athola khona u-R20 nge-set yamahora amabili. “Izinto zaz’ hamba kahle nkosazana!” Kusho UMadala Kunene oyisibonelo esihle sokuthi ukulandela amaphupho akho akugugi. Kusukela ekuqaleni komlandelo wakhe ngesikhathi sobandlululo kuze ekudumeni kwakhe emhlabeni jikelele kwakucacile ukuthi uhumuntu wesiginci. Namhlanje uhlonishwe ngeziqu zobudokotela emculweni eNyuvesi yaKwaZulu-Natali. Ngaleso sikhathi, uBafo uhumuntu wabantu. Ngalempelasonto wayelokhu ebonga uPilani ngomsebenzi awenzile, emncoma ngokuthi imali yakhe useyikhokhile, em’qhathaniswa namanye amafestival angabakhokheli abasebenzi. “Ang’kaze ngisebenzele um’lungu mina. […] Abantu bayasebenza nje b’suku nemini. Mina ang’yazi leyompilo. […] Kuning’ okungenzele khona lesis’ginci.”